UFrantz Fanon waziwa kakhulu njengomunye wezinculabuchopho zomzabalazo wenkululeko eAfrika.
![](http://www.abahlali.org/files/active/6/8078_small.jpg)
Frantz Fanon: 1925 – 1961
Wazalelwa esiqhingini sase Martinique ngo 1925. I Martinique yayibuswa ngaphansi kwengcindezelo yombuso waseFrance. Abantu abahlala khona kwakungabokudabuka eMartinique, kanye nabase Afrika ababelethwe ngaphansi kohlelo lokuthumba abantu base Afrika benziwe izigqila kanye nabokudabuka eNdiya ababelethelwe ukuzotshala umoba eMartinique ukuze uthunyelwe eFrance.